Skip to Content

"yezwi"

14 occurrences in ZUL

Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba ukwazise inceku yakho.

U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme , ethukuthele ngen xa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli ; ngokuba wayeshilo ukuthi : Angiyikukunika ifa lawobaba . Walala embhedeni , waphendula ubuso, akadlanga lutho.

Wafa kanjalo -ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye,

Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.

ngenxa yezwi lesitha , ngenxa yokucindezela komubi ; ngokuba bagingqela okubi phezu kwami; bangizingela bethukuthele.

Ngenxa yezwi lokububula kwam i amathambo ami anamathele enyameni yami.

Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda , ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa , ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu. Indlala yezwi likaNkulunkulu

kepha kanampande phakathi kwakhe , kodwa uhlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.

kepha kabanampande phakathi kwabo , kodwa bahlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi , bakhubeke masinyane.

Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.

Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.

Mina Johane , umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu , ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.

Nalapho selivula uphawu lwesihlanu , ngabona phansi kwe -altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo.

Ngase ngibona izihla lo zobukhosi ; bahlala kuzo , banikwa ukwahlulela ; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu , nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso , nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo ; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.