"yifa"
76 occurrences in ZUL
Wayesethi kuye : NginguJehova owaku phumisa e -Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.
Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani , libe yifa laphakade , ngibe nguNkulunkulu wabo. Ukusoka
wathi kimi : Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.
Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u - Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.
Wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho , iNkosi mayihambe iphakathi kwethu , ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni ; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.
Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,
Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini , kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.
Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo ; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade ; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa -Israyeli, omunye phezu komunye.
Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.
Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo , ngomsebenzi abawusebenzayo , inkonzo yetende lokuhlangana.
Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.
Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.
U-Edomi uyakuba yifa ; uSeyiri uyakuba yifa naye , owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.
Bathi futhi : Uma sifumene umusa emehlweni akho , leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.
izwe linqotshwe phambi kukaJehova , khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku -Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.
UMose wathi kubo: Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa , phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;
Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo --
Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu : u- Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa -Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho ; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.
ningalwi nabo , ngokuba angiyikuninika izwe labo , ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.
UJehova wayesethi kimi : Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni , ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa , lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.
lapho ususondela m alungana nabantwana bakwa -Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa -Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.
Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu , wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,
ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho , angenise wena, akunike izwe labo libe yifa lakho njenganamuhla.
Kepha lapho niwela iJordani , nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,
Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle,
ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.
Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,
isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini , kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku , ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.
indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe , ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova ; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.
Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle , wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu ; awuyikukhohlwa lokho.
Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkul unkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo,
sathatha izwe lakubo , salinika laba yifa labakwaRubeni , nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.
Khuphukela entabeni yase -Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,
Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose ; uJoshuwa walinika u -Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.
UMose inceku kaJehova na bantwana bakwa -Israyeli babebabulele ; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa- Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonal anga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri , uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo
bonke abakhileyo ezintabeni , kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni ; mina ngiyakuwaxosha phambi kwa bantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa -Israyeli ngenkatho , libe yifa njengokukuyala kwami.
Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyag alolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.
UMose wafunga ngalolo suku , wathi: Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla , ngokuba wamlandela uJehova uNk ulunkulu ka -Israyeli ngokupheleleyo.
Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa , bathi: Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela , kube yifa lami , lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?
Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo ; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;
Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu , kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo , kuze k ufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga.
mawuzwe wena ezulwin i, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u -Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo , uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.
Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba , babe yifa lakho , njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.
Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa -Israyeli, ibandla likaJehova , nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle , nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.
mawuzwe wena ezulwini , uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u -Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo , uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.
Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu , futhi ningathatheli amadodana enu amadod akazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade , ukuze nibe namandla , nidle okuhle kwezwe , nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.
Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni , akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo.
Ngiyakulenza libe yifa likanondweb u namachibi amanzi , ngilishanele ngomshanelo wencithakalo, usho uJehova Sebawoti. Isiprofetho nge-Asiriya
Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu , kwakhe kulo isikhova negwababa ; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo , nomthofu wokumisa wokuyize.
Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho , ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa -Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa.
bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.
ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa -Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa -Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe,
Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa -Israyeli basho bathi: U -Abrahama wayemunye , wadla ifa lezwe ; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.
ngalokho profetha , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nib e yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu,
yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;
Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu , abantu bami u -Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.
Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo.
Kuyakuba yifa laso ezweni lakwa -Israyeli, izikhulu zami zingasacindezeli abantu bami, kepha zinike indlu yakwa-Israyeli njengezizwe zayo.
Niyakulidla, kube yilowo nalowo , ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.
Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho , libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu . Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwab antwana bakwa -Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.