UNkulunkulu wathi futhi kuMose: Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa - Israyeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ungithumile kini . Yileli eliyigama lami kuze kube phakade , lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.
Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo , elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.
Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:
Inkosi yathatha yathi: Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?