Skip to Content

"yimani"

17 occurrences in ZUL

Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane , wathi: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.

UMose wathi kuwo : Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.

Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulots hiwe encwadini yomthetho kaMose , ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,

kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.

Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.

Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuye nza uJehova phambi kwamehlo enu.

U-Abisalomu wayala izinceku zak he ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka- Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini : Bulalani u -Amnoni, nimbulale ningesabi ; angithi mina nginiyalile na ? Yimani isibindi , nibe ngamaqhawe.

Usho kanje uJehova , uthi: Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle , nihambe ngayo , niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: Asiyikuhamba ngayo.

Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo , nokho bayabaleka . Yimani, yimani! Kepha akakho ophendukayo.

Ngokuba bonke bambona , bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo , wathi kubo: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi . Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi.

UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko ; ngakho-ke yimani niqine , ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Ngakho yimani izinkalo z enu ziboshiwe ngeqiniso , nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,

Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo , ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.

Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile , nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.

NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.