Skip to Content

"yingcosana"

10 occurrences in ZUL

Niyakushiywa nibe yingcosana , ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

Wayesethi: Hamba utsheleke izitsha ngaphandle kubo bonke abakhelwane bakho, izitsha ezingenalutho, zingabi yingcosana.

Ungabi namawala ngomlomo wakho , nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini , wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.

Abapristi babe yingcosana nje , babengenakuhlinza yonke iminikelo yokushiswa; abafowabo amaLevi base bebasiza , waze waphela umsebenzi , nabapristi baze bazingcwelisa , ngokuba amaLevi ayelungele ngezinhliziyo kunabapristi ukuba azingcwelise.

Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.

lapho babe yingcosana ngomumo, yebo, lapho babe yingcosana, futhi babe yizihambi kulo.

Izinsuku zakhe mazibe yingcosana, omunye athathe isikhundla sakhe.

Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana, ukuze ibhalwe ngumntwana.

zathi kuJeremiya umprof ethi: Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho , unxusele yonke le nsali , ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi , njengalokhu amehlo akho ekubona nje,

Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo ; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.