Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , izwe laseGibithe ; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.
Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa , nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo , nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo , ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.