Skip to Content

"yisibonakaliso"

15 occurrences in ZUL

Kepha uHezekiya wathi : Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?

Kepha uma bethi : Yenyukelani kithi , siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.

Wathi u-Isaya: Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lo kho akukhulumileyo : isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?

Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe , ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli ; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.

Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane , nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.

Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:

Lesi siyakuba yisibonakaliso kini , usho uJehova , U kuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.

Zithathele ucwecwe lwensimbi , ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi , uqondise ubuso bakho kuwo , wona uvinjezelwe , uvinjezelwe nguwe . Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa - Israyeli.

Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho , ukuze ungaboni izwe , ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.

ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga , ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami , nazi ukuthi nginguJehova.

Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.

ningcwelise amasabatha ami , abe yisibonakaliso ph akathi kwami nani , ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini ; niyakwenza njengakho konk e ukwenza kwakhe ; lapho kufikile lokhu , niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu ; uyakuba yisibonakaliso kubo , bazi ukuthi nginguJehova.

Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve , iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane.