Uyakuphuma nembewu eningi , uye ensimini , ubuthe okuyingcosana , ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane.
Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.
Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane , nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.
Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane , nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.