Skip to Content

"yisikhumbuzo"

21 occurrences in ZUL

Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini , nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.

Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho , kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wak ho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.

UJehova wathi kuMose : Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini , ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.

Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe , abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa -Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.

U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa -Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlul ela phezu kwenhliziyo yakhe , nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.

Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa -Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.

awulethe kumadodana ka -Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;

awulethe k umpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe , kube yisikhumbuzo sawo, akushise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova ; kungumnikelo wesono.

Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo , nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e -altare kube yisikhumbuzo sawo , kube yiphunga elimnandi kuJehova.

Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili , ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.

umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu , ube yisikhumbuzo sawo, awushise e -altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi.

Nangezinsuku zokuthokoza kwenu , nangemikhosi emisiweyo , nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu ; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Abakwa-Israyeli basuka eSinayi

OMose no -Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu , baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho , abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.

Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luph awu esandleni senu , abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.

ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu , kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo , bethi: Ayini lawa matshe kini na?

anothi kubo : Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka ; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.

Imiqhele iyakuba yisikhumbuzo sikaHelemi , nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni, indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova.

Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho l iyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Mark. 14:10; Luk. 22:3)

Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Luk. 22:3)

Wayigqolozela enokwes aba, wathi: Kwenze njani , Nkosi? Yathi kuye : Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.