Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.
Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe ; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.
Akakho okhumbulayo , nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe : Ngishisile inxenye yawo ngomlilo , ngenzile isinkwa phezu kwamala hle awo, ngosile inyama , ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso , ngikhothamele umbhuku womuthi, na?
Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi , ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima , babe yisinengiso kuyo yonke inyama.
Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo , kepha lapho seningenile , nalingcolisa izwe lami , nenza ifa lami laba yisinengiso.
Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo , wenza ubuhle bakho baba yisinengiso , wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.