ababedla amanoni emihlatshelo yabo , beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu.
Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe ; mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi. Lapho umcindezeli esephelile, nokuchitha sekuyekiwe, nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe , aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.