Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula ; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?
Intendele efukamela ingazalanga , unjalo owenza ingcebo ngokungalungi ; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.
Makungabikho ozikhohlisayo ; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga , bengingezukuba yisiwula ; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso , kepha ngiyayeka , funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.
Sengize ngaba yisiwula ; nina ningiphoqile . Ngokuba mina kwakufanele ukuba n ginconywe yinina . Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.