Izigodi zonke ziyakugqitshwa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;
Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela, imendo yami iphakame.
Kodwa nithi: Indlela yeNkosi ayilingani. Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
Kepha indlu yakwa -Israyeli ithi : Indlela yeNkosi ayilingani . Wena ndlu yakwa-Israyeli, izindlela za mi azilingani na ? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
Uyema, uzamazamisa umhlaba ; ubuka, uthuthumelisa izizwe ; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.