"yizwa"
54 occurrences in ZUL
Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo , ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye ; angiyikuhlalisa okomfelokazi , nokufelwa abantwana angiyikukwazi.
Yizwa lokhu wena ndlu kaJakob e obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwa Juda, ofunga igama likaJehova , odumisa uNkulunkulu ka - Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.
Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.
UMose wayesebiza wonke u -Israyeli, wathi kuye : Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde , uqaphele ukuzenza.
Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukub a kube kuhle kuwe , nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.
Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla , ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe , imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,
Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
Nalokhu wathi ngoJuda : Yizwa, Jehova, izwi likaJuda , umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye.
Wasondela kuye ; owesifazane wayesethi : Wena unguJowabe na ? Wathi: Nginguye. Wayesethi kuye : Yizwa amazwi encekukazi yakho . Wathi: Ngiyezwa.
UMikhaya wathi : Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.
Ngase ngikhuleka ngathi : Yizwa, Nkulunkulu wethu , ngokuba sidelelekile, ubuyisele inhlamba yabo phezu kw amakhanda abo , ubanikele ukuba baphangwe ezweni lokuthunjwa;
Yizwa ukulunga , Jehova, ulalele ukukhala kwami , ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
Yizwa izwi lokunxusa kwami , nxa ngikhala kuwe , ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.
Yizwa umkhuleko wami , Jehova, ulalele ukumemeza kwami ; ungathuli ngezinyembezi zami , ngokuba ngingumfokazi kuwe ; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.
Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi : NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.
Yizwa, malusi ka -Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi , ohlezi phezu kwamakherubi; mawubonakale ngokukhazimula.
Jehova, yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe ekuncengeni kwami ; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.
Yizwa wena mhlaba ukuthi : Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo , ngokuba abaqaphelanga amazwi ami , nomthetho wami bawulahlile.
uthi: Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngalawa masango.
Kepha yizwa izwi likaJehova , Sedekiya, nkosi yakwaJuda . Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba;
yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJ uda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,
Kepha wena ndodana yomuntu , yizwa engikukhulumayo kuwe , ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo ; vula u mlomo wakho , udle engikunika khona.
Ndodana yomuntu , ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
uthi kulo ihlathi laseningizimu: Yizwa izwi likaJehova elithi : Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuphemba umlilo kuwe, udle yonke imithi eluhlaza kuwe nayo yonke imithi eyomileyo, ilangabi elivuthayo lingacimeki, kuhwamuke ngalo bonke ubuso kusukela eningizimu kuye enyakatho.
Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.
Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu k wendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.
Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.