Skip to Content

"yodwa"

13 occurrences in ZUL

Wathi: Indodana yami ayiyikwehla nani , ngokuba umfowabo ufile , kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo , niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.

Ingqongqo yenza konke yodwa; oqasha isiwula uqasha abadlulayo nje.

Kepha inkosi yase -Aramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi : Ningalwi namuntu , omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.

Kepha inkosi yase -Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi : Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.

Mina ngakutshala ungumvini omuhle , imbewu elungileyo yodwa ; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi , elomvini wabezizwe , na?

Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo : Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka , nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma.

Bheka, indoda yasesixu kwini yamemeza yathi : Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.

Akakho oke wabona uNkulunkulu ; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile. Ubufakazi bukaJohane

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka , waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.

Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa , ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke , kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke,