Lapho ngise nabo ezweni , ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona , ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.
Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo , ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela ; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka , kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,