Woyenza i mishayo yomuthi womtholo, ibe yisihlanu , ibe ngeyamapulangwe akolunye uhlangothi lwetabernakele,
Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile , noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo ; makufakwe emanzini , kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.