Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa , kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.
Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma ; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.
Nina enithanda uJehova zondani okubi ; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.
Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho.
UJehova ulungile; unqumile izintambo zababi.
Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo , funa baziphakamise. Sela
Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela , kepha iziluleko zababi ziyinkohliso.
Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza, kepha izibani zababi ziyacimeka.
Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo : bayaphinga, bahamba ngamanga , baqinisa izandla zababi , ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe ; bonke banjengeSodoma kimi , nabakhileyo kulo banjengeGomora.
Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga , engingamdabukisanga mina , naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,
besakubonisa amanga , bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo , abalusuku lwa bo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.