nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama- Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe.
Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani , o-Orebi noZebi , ambulala u - Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani ; aletha ikhanda lika -Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani , uma kulinganiswa nokwenu , na? Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho. ISukoti nePhenuweli