Khona aphaphatheka amakhosi akwa -Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.
Wathi-ke kuwo: Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi. Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.
Izikhulu zakwaMowabi zasuka , zaya kuBalaki , zathi: UBileyamu uyala ukufika nathi.
UBileyamu wa vuka ekuseni , wabophela imbongolo yakhe , wahamba nezikhulu zakwaMowabi.
Wayesebuyela kuye ; bheka, wayemi ngasemnikelweni wokushiswa , yena nazo zonke izikhulu zakwaMowabi.
Wayesefika kuye ; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa , izikhulu zakwaMowabi zinaye . UBalaki wathi kuye : UJehova ukhulume ngokuthini na?
Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.