Waguquka ingqondo phambi kwabo , wazenza ohlanyayo ezandleni zabo , wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.
UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,
emashashalazini emigwaqo kuyaduma ; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho, usho uJehova. Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobu khosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema , nakuzo zonke izingange zalo nxazonke , nakuyo yonke imizi yakwaJuda.