"zamatshe"
26 occurrences in ZUL
UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe , naphezu kwemifula , naphezu kweminonjana yabo , naphezu kweziziba , naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi , kube khona igazi ezweni lonke l aseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.
UJehova wayesethi kuMose : Khuphukela kimi entabeni , uhlale khona , ngikunike izibhebhe zamatshe , nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.
Ufake kuso izisekelo zamatshe, kube yizinhla ezine zamatshe : uhla lwesardiyu, netopazi, nerubi, lube luhla lokuqala;
Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi , izibhebhe zamatshe , zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.
UJehova wathi kuMose : Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.
Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala ; uMose wavuka ekuseni kakhulu , wakhuphukela entabeni yaseSinayi , njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.
Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze , imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo , nefu, nesigayegaye, ngezwi eli khulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe , wanginika zona.
Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe , izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani , ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.
UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe , zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe k uzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.
Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.
Ngase ngenza -ke umphongolo womuthi womtholo , ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.
sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i -altare ngaseJordani , liyi-altare e likhulu ukubonakala kwalo.
Abantwana bakwa -Israyeli bezwa kuthiwa : Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana ba kwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i -altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.
Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu. Umsebenzi kaHiramu ethempelini
Kwakungekho lutho emphongolweni , kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Kukhona kuwe izisebenzi eziningi , ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:
Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami nga mandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu nawokufakwa , namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo , nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu , namatshe amhlophe amaningi.
Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
ayibe nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu , nohla lwemithi emisha , izindleko zikhishwe endlini yenkosi;
Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza , ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsiken i zamatshe amhlophe ; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele, nangamatshe amnyama.
Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu ; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho , isardiyu, netopazi, nedayimani, neshohamu, nejaspi, nesafire, nesimaragidu, nekrisolithe; nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.