Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi , nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo , kwasuswa ngumoya , akutholwanga ndawo ; itshe elalisishay a isithombe laba yintaba enkulu , lawugcwalisa umhlaba wonke.
INkosi uJehova yayisingibonisa kanje : bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.
Yathi: Amose, ubonani na ? Ngathi: Iqoma lezithelo zasehlobo . Wayesethi uJehova kimi : Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.
Maye kimi ! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo , njengokukhothozwa komvini ; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.