Skip to Content

"zasejerusalema"

27 occurrences in ZUL

Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.

Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza iz ingange zaseJerusalema nxazonke.

Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku , ngaya eMthonjeni kaDrako naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.

Kepha kwathi oSanibalati , noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,

Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho , uzakhe izingange zaseJerusalema.

Nazibala izindlu zaseJerusalema, nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.

Qhumukani ngokuhlabelela , nihlabelele kanyekanye , nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.

Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema , nibone nazi , nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu , uma kukhona owenza ukwahlulela , ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

Awuboni ukuthi benzani emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema na?

Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti , ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.

Wayesethi uJehova kimi : Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema , uthi: Zwanini amazwi alesi sivumelwano , niwenze.

Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho , Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti ama -altare, ama-altare okushisela uBali impepho.

Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba ; abayikuba namuntu wokubembela , bona nawomkabo, namadodana abo , namadodakazi abo ; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.

Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha , ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.

izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda , ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo , bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa. UJeremiya usesitokisini*

Usho kanje uJehova , uthi: Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile , ayinamuntu nazilwane , nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,

ngisho izikhulu zakwaJuda , nezikhulu zaseJerusalema , nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole,

AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo , azidiliza izingange zaseJerusalema.

Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema , kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.

Nikhohliwe yini ububi bukayihlo , nobubi bamakhosi akwaJuda , nobubi bamakhosikazi awo , nobubi benu , nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na?

Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu , sishisele inkosikazi yezulu impepho , siyithululele iminikelo yokuphuzwa , njengalokho senzile , thina nawobaba , namakhosi ethu , nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.

Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu , nezikhulu zenu , nabantu bezwe , uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?

Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi ; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.

Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.

Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo , abhince indwangu yamasaka . Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.

Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kusazakuhlala amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema , yilowo nalowo abe nodondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe.