Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye , zaboshwa ngaphandle kweminsalo; zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye , noma zazibalekele kude.
Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila , namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo , kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.