Kepha aka vumanga lowo muntu ukuh lala lobo busuku , kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema ; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.
Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza , ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsiken i zamatshe amhlophe ; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele, nangamatshe amnyama.