Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzinikela phambi kwakho , azingquzule ngokungquzula okukhulu, zize zichithwe.
Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho , zichithwe zonke izinqaba zakho , njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.