Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla , zifike kimi , zingikhothamele, zithi: Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma. Waphuma kuFaro evutha ulaka.
Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo ; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.
Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.