"zika"
64 occurrences in ZUL
Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika -Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.
Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.
Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika -Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.
Kepha amadodana ezancinza zika -Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona , aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.
Lezi ziyizizukulwane zika -Ishmayeli indodana ka -Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.
Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika - Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.
U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise , ngokuba ama Filisti ayeyivalile emva kokufa kuka - Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.
Wakha khona i -altare, wakhuleka egameni likaJehova , wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki
Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika -Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: Sitholile amanzi.
URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.
UJakobe waso ndela ku -Isaka uyise ; wamphatha, wathi: Izwi liyizwi likaJakobe, kepha izandla ziyizandla zika-Esawu.
Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo en gibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika -Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.
ubeke konke ezandleni zika -Aroni nasezandleni zamadodana akhe , ukuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
Izambatho ezingcwele zika -Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
nezingubo ezifekethisiweyo , nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,
nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.
izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele , nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.
wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe , wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
umakhele uJehova uNkulunkulu wakho i -altare esiqongweni sal e nqaba ngokuhlelekileyo, uyithathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zika-Ashera ozakumgawula.
Izinceku zika -Akhishi zathi kuye : Lo akasiye uDavide , inkosi yezwe , na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye , besina bethi : USawule ubulele izinkulungwane zakhe , kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na?
U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika -Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.
Izinceku zika -Abisalomu zenza ku -Amnoni njengokuyala kuka -Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka , yileyo naleyo yakhwela umnyuzi wayo , abaleka.
Wayesethi ezincekwini zakhe : Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami , unebhali khona ; hambani niyithungele ngomlilo . Izinceku zika -Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.
Isiluleko sika-Ahithofeli aluleka ngaso ngalezo zinsuku sasinjengokungathi bekubuzwe kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli kuDavide naku- Abisalomu.
Zase zifika izinceku zika -Abisalomu kowesifazane endlini , zathi: Baphi o - Ahimahasi noJonathani na ? Owesifazane wathi kuzo : Bawuwele umfudlana. Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.
Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka -Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane ; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni , iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema. Izijeziso zika-Adoniya, no-Abiyathara, noJowabe, noShimeyi
Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.
Zonke ezinye izindaba zika -Asa, nawo onke amandla akhe , nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.
ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika -Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u -Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka- Israyeli ngezithombe zabo.
Ezinye izindaba zika -Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Ezinye izindaba zika -Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?
Ezinye izindaba zika -Ahabi, nakho konke akwenzayo , nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo , nayo yonke imizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise , kaphambukanga kuzo , enza okulungile emehlweni kaJehova . Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela , babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Ezinye izindaba zika Jehoshafati, namandla awabonakalisayo , nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Ezinye izindaba zika -Ahaziya azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Kepha uJehoshafati wathi : Akakho lapha umprofethi k aJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na ? Enye yezinceku zenkosi yakwa -Israyeli yaphendula yathi : Ukhona u -Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya.
Ezinye izindaba zika -Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Ezinye izindaba zika -Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Ezinye izindaba zika -Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
U-Isaya umpro fethi wakhala kuJehova , wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi. Izithunywa zaseBabele
futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.
Ezinye izindaba zika -Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
emadodaneni ka -Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka -Asafa, phansi kwezandla zika -Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
Ezinye izindaba zika -Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe , kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.
Bheka, izindaba zika -Asa, ezokuqala nezokugcina , bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
Kwafika kuye incwadi iphuma ku -Eliya umprofethi , ithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda,
Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina , bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli na?
Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho ; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu ; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.
bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika - Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi . Ilanga labuya -ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo. Ihubo likaHezekiya
Izindawo eziphakemeyo zika -Isaka ziyakuchithwa , nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba. O-Amasiya no-Amose