Skip to Content

"zikajehova"

35 occurrences in ZUL

Uma umuntu esenza isiphambeko , one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala , inqama yasemhlambini eng enasici njengokulinganisa kwakho namashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,

Kwathi abantu bakhonona , kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe ; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.

Yisho kubantu ukuthi : Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi : Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle , ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe , ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.

Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova : IVahebi laseSufa , nezigodi zase-Arinoni,

Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.

Ekwahlukaniseni impango phakath i kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova , ukulunga kokubusa kwakhe kwa -Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

USamuweli wezwa onke amazwi abantu , wawalanda ezindlebeni zikaJehova.

Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.

USawule wathi kuDavide : Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: Isandla sami masingabi phezu kwakhe , kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.

Ake uthethelele icala lencekukazi yakho , ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela , lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.

UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:

Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.

Ngokuba ngizigcinile izindlel a zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

Uyakuchitha indlu ka -Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sika- Izebeli.

Wayesengena uJehu noJehonadaba indodana kaRekabi endlini kaBali ; wathi ezincekwini zikaBali : Cingani, nibone ukuba kungabikho kini lapha noyedwa wezinceku zikaJehova, izinceku zikaBali kuphela.

Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova ; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda.

Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka -Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda , kuzo zonke izindaba zenkosi ; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.

Makungangeni muntu endlini kaJehova ngaphandle kwabapristi namaLevi akhonzayo; bona bangangena , ngokuba bangcwel e; kepha bonke abantu bayakugcina izimfanelo zikaJehova.

Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto ; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile ; abalungileyo bayakuhamba ngazo , kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova , angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqinis o kulabo abagc ina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.

Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.

Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni.

Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova , yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,

asinakukufihla kubantwana babo , izindumiso zikaJehova zis itshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.

Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova , azwakalise lonke udumo lwakhe, na?

Haleluya! Dumisani nina zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova.

Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova

Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova , ngokuba in kulu inkazimulo kaJehova.

Mukani, mukani, niphume lapha , ningathinti okungcolileyo , niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.

Ubuningi bamakamela buyakukusibekela , amakamela amasha akwaMidiyani nase -Efa; bonke abaseSheba bayakuza , balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.

Nonogolantethe emkhathin i uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo , ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne -altare, bathi: Hawukela abantu bakho , Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe ; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: Uphi uNkulunkulu wabo na?

Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori , nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali , nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.