Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ukufa kukaJosiya
Ezinye izindaba zikaJosiya , nezenzo zakhe ezinhle nj engokulotshiweyo emthethweni kaJehova,
okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;
Zithathele umqulu wencwadi , ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo -Israyeli nangoJuda , nangazo zonke izizwe , kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe , kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.
Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka - Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda.