Kodwa izandla zikaMose zaba nzima ; bathatha itshe , walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo ; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe , omunye engalapha, omunye engalapha ; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.
Abantu bakhe base bekhumbul a izinsuku zakuqala zikaMose , bathi: Uphi yena owabakhipha elwandl e kanye nabelusi bomhlambi wakhe , na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,