Zalalela zonke izikhulu , nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele , kube y ilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , ukuba zihambe , zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.
Kepha emva kwalokho baphenduka , bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe , zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.
Kepha seniphendukile futhi , nalihlambalaza igama lami , nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , enanizivumele ukuba zihambe , zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.