Skip to Content

"zinceku"

20 occurrences in ZUL

UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili , induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.

Base bethi kuye : Thina zinceku zakho ziy izelamani eziyishumi nambili , amadodana andodanye ezweni laseKhanani ; bheka, encane ikubaba manje , enye ayisekho.

Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla , zifike kimi , zingikhothamele, zithi: Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma. Waphuma kuFaro evutha ulaka.

Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama , kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.

Babusiswe abantu bakho , zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

Ngase ngibabuyisela amazwi , ngathi kubo : UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.

Bongani uJehova nina mabandla onke akhe , nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.

Haleluya! Dumisani nina zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova.

Bhekani, nibonge uJ ehova nina nonke zinceku zikaJehov a enimi endlini kaJehova ebusuku.

Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova

Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo ; wakhuluma wathi : Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego , nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke , phumani nize lapha . Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.

Lezo zinceku zaphuma , zaya ezindleleni , zabutha bonke ezabafumanayo , ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku , yalandisana nazo.

Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi , nxa ifika , izifumane zilindile ; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.

Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.

Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama , balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,

Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke , kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu.

Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi , lithi: Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.