Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.
AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika , awuthungele lo muzi ngomlilo , awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.