Yisho kubantu ukuthi : Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi : Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle , ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe , ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.
Suka ungcwelise abantu, uthi: Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho , ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
Zingcweliseleni ukulwa nayo ; vukani, sikhuphuke emini . Maye kithina ! Ngokuba ilanga liyaphenduka, namathunzi okuhlwa aselulekile.