Bongani uJehova nina zingelosi zakhe , nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke , nimdumise nina mabandla akhe onke.
Ngokuba uma izwi elakhulunywa nge zingelosi laqiniseka , nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,