"zithi"
34 occurrences in ZUL
Zase zithi izanusi kuFaro : Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu . Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesine: izibawu
Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla , zifike kimi , zingikhothamele, zithi: Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma. Waphuma kuFaro evutha ulaka.
Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso , zithi: Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.
Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu , zithi: Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.
Zonke izikhulu zase zithi kuyo yonke inhlangano : Sifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngalokho asinakubathinta manje.
Izikhulu zase zithi kubo : Mabayekwe baphile ; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.
Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.
Zase zithi izinceku zakhe kuye : Yintoni le oyenzileyo na ? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.
Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina, uyakukhuluma kanje kubo, uthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda , kepha wena ulenze libe lula kithina , uyakusho kubo kanje ukuthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
Inkosi yathi : Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMo ridekayi ngalokho na? Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: Akenzelwanga lutho.
UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kon ke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe : Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda , awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela , zithi kimi usuku lonke: Uphi uNkulunkulu wakho na?
Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi : Lo muntu akafanele ukufa , ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.
uziyale ukuba zithi emakhosini azo : U sho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje emakhosini enu, nithi:
Zase zithi izikhulu enkosini: Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo , ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.
Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe , bese zifika kuwe , zithi kuwe: Ake usitshele okukhulumileyo enkosini , ungasifihleli khona , asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe,
Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo , zincimfa, zigedla amazinyo , zithi: Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.
Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe: Yeka ukuchitheka kwakho , wena owahlalwa ngabasolwandle , muzi odumileyo , owawunamandla olwandle , wena nabakhileyo kuwe, owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.
Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.
UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi , bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:
Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule , kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!
Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo : S ipheni amafutha kwawenu , ngokuba izibani zethu ziyacima.