Skip to Content

"zivela"

12 occurrences in ZUL

Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.

Bathi kuye : Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba siluzwile udumo lwakhe , nakho konke akwenzayo eGibithe,

Wathi: Sisahlezi kahle . Inkosi yami ingithumile ngokuthi : Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.

Jehova Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu zivela esandleni sakho, zonke zingezakho.

Intombi yayiyinhle emehlweni akhe , yafumana umusa kuye ; washesha wayinika izinto zokuqhola , nezabelo zayo , nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi , wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.

nezingcwecwe zesiliv a ezilethwe zivela eTharishish i negolide lase -Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi , kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo , nazo zonke ozithandileyo , nazo zonke ozizondileyo , ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke , ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.

Izizwe zase zilihlelela nxazonke , zivela emazweni , zeneka phezu kwalo inetha, labanjwa emgodini wazo.

UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi , bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:

Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile , naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.

Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Owesifazane waseSirofenike (Math. 15:21)

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu , zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.