Skip to Content

"ziyakuba"

45 occurrences in ZUL

Ziyakuba njalo kuwe izinto okha ndleke kuzo , zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo , ekusindisayo ingabikho.

Wayesethi uJehova: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu , njengokuba eyinyama nje ; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.

Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu ; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.

Uma ebesho ukuthi : Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho , umhlambi wonke wazala ezimanakanaka ; uma ebesho ukuthi : Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho, umhlambi wonke wazala ezinemishwe.

Izibusiso zikayihlo zinamandl a kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo ; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.

Izambatho ezingcwele zika -Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.

Wozani-ke, sithethe indaba , usho uJehova ; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa ; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.

Yonke imibhede alala kuyo ocucuzayo iyakuba ngen gcolile; nezinto zonke ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile.

Zonke izihlalo akhwela kuzo ocucuzayo ziyakuba ngezingcolile.

Zonke izinto alala kuzo ekungcoleni kwakhe ziyakuba ngezingcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.

Imibhede yonke alala k uyo zonke izinsuku zokucucuza kwakhe iyakuba kuye njengombhede wokungcola kwakhe ; zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile njengokungcola kwefindo lakhe.

Kepha ngomnyaka wesine zonke izithelo zayo ziyakuba ngcwele , ezokumdumisa uJehova.

Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili ; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.

Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe , bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele , zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade. Isijeziso sohlambalaza uNkulunkulu

Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova , zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele.

Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle ; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane , sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.

Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe ; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe. Imithetho yomfazi ophingayo

Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe , alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.

Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.

Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.

kepha izintaba ziyakuba ngezakho ; noma ziyihlathi , woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho , ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.

UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva , kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.

Ngithumele futhi imisedari, nemisayipuresi, nemi-alimugi evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho

Hlwanyela imbewu yakho kusasa , ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa , ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela , yilena noma yileyo , noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.

Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi , neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.

Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulw a nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo.

I-Asiriya liyakuwa ngenkemba , kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.

Phakathi kwabakhulu balo akakh o oyakumemezela umbuso , nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.

Abayikwakha, kuhlale omunye ; abayikutshala, kudle omunye , ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi , nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.

Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.

izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda , ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo , bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa. UJeremiya usesitokisini*

Imizi inqotshiwe , nezinqaba zithathiwe ; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka , andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa -Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo. Isiprofetho ngeDamaseku

Bezwile ukuthi ngiyabubula , kepha anginamduduzi . Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami ; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo . Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.

Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu ; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu , nibubulelane omunye nomunye.

Izinduku oloba kuzo ziyakuba sesandleni sakho phambi kwamehlo abo.

Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo.

Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele

Izinkulungwane eziyisihlanu ez isele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele , zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo.

Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi ; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye , kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku , isho iNkosi uJehova; izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani! Ukwahlulelwa kwabathengisi abakhohlisayo

Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana ; izindlu zase - Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

Ngokuba lezo z insuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje , nolungasayikuba khona.

Kepha uNkulunkulu wathi kuye : Wena siwula , ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe ; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?