Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.
Iziqhingi ziyakubona , ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela ; isondele, isifikile.
Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
Izintaba ziyakubona , zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula ; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.