Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka -Efrayimi kuze kube namuhla , aba yizinceku zokusebenza.
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Isango legceke elingaphakathi , elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza , kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa , livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.