UDelila wayesethi kuSamsoni: Kuze kube manje udlale ngami , wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani . Wathi kuye: Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.
Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni , wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa.